#RIPLundi: "Noma ngabe unasifo sini, dlana imishanguzo yakho - uDeborah

2017-01-31 18:01

Durban - Umculi wowokholo uDeborah Fraiser uthe ubenaye uLundi eguli, kunguyena obekamphekela amuhambisele ukudla esibhedlela.

"ULundi wayazi ukuthi indlela yakhe isifinyelele ekugcineni."

Eqhubeka nenkulumo yakhe, uDeborah udlulise isicelo kubafundisi, ecela ukuba abangayekisi abantu imishanguzo yabo abayinikezwa ngodokotela.

Wenze isibonelo ngesimo sakhe njengoba enoshukela, wathi odokotela bangamthethisa kabi uma engayeka imishanguzo yakhe ngenxa yokuthi uthole iziyalo kubefundisi abathi bazomkhulekela.

Kusenjalo, lo mculi uveze ukuthi yena noLundi bebenezimfihlo eziningi.

OLUNYE UDABA:OweGospel utitinywe ngamaphoyisa emsola ngokweba

"Sasinezimfihlo zethu sobabili sinoLundi, yingakho nganginokumthethisa ngithi kuyena nomangabe unasiphi isifo dlana imishanguzo yakho kuze kube wudokotela oshoyo ukuthi isifo sesiphelile kuwo.

Laba bantwana bayabuya beze kimi, ngibatshele ukuthi abadle imishanguzo yabo, bavele bangitshele ukuthi anginalo ithemba, kodwa cha ngiyabakhuthaza abantwana ukuthi abadle imishanguzo.

Esephetha inkulumo yakhe, uthe uzohlala emthanda uLundi ngoba wayeyimbali eyayiqhakazile, iqhakazele wonke umuntu kuleli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.