SAFA: Asihlangene nokuxoshwa kukanompempe

2017-03-22 16:01

Cape Town – Inhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA), ithi ukuvalwa ebholeni impilo yakhe yonke kukanompempe waseGhana, uJoseph Lamptey, owatholakala enecala ngokuba nesandla kumphumela weBafana Bafana, nalapho yahlula khona iSenegal ngo-2-1 ngoNovemba wangonyaka owedlule, “akuhlanganise lutho nabo”.

Kulo mdlalo, okwakuwumdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba mhlaka-12, kunyaka ka-2016, iBafana yanikwa iphenathi ngomzuzu ka-43 ngesikhathi ibhola elalishaywe u-Eleazar Rodgers lishaya edolweni kumdlali weSenegal, uKalidou Koulibaly.

Kodwa-ke kwamangala abantu enkundleni ngesikhathi, uLamptey enquma ukunikeza iBafana iphenathi, wathi lishaye esandleni.

UThulani Hltashwayo wathi ubonwa yini, walivalela phakathi nokwenza iBafana yahamba phambili ngegoli elilodwa eqandeni.

OLUNYE UDABA: UKhune uqokwe njengokaputeni weBafana

Okwamanje akukakacaci ukuthi iFIFA yazi kanjani ngezinhloso zikaLamptey zokupheka umphumela walo mdlalo, kodwa eminye imibiko isola ukuthi ukubheja okukhona ebholeni kungenzeka ukuthi kwaba nesandla kulokhu.

Esitatimendeni, iFIFA ithe izokhipha eminye imininingwane “uma isinqumo sekungesokugcina futhi sesibophezela”.

ISenegal Football Federation isiyishayele ihlombe iFIFA ngesinyathelo sayo, kodwa isalinde ukufinyelela emaphethelweni kophenyo ukuze kutholakale ukuthi zikhona yini ezinye izinyathelo ezizothathwa mayelana nalo mdlalo othintekayo.

Ukuwina kweBafana kulo mdlalo, okwaba ngumdlalo wokugcina kaShakes Mashaba njengomqeqeshi weqembu lesizwe, kwashiya iNingizimu Afrika isendaweni yesibili ku-Group D – ingaphezulu ngephuzu elilodwa kweSenegal.

Kodwa-ke iSAFA ithi yona ayikho into ezoyixoxa ngoba isidlulele phambili.

“Akuhlangene nathi. Saya laphaya, sadlala umdlalo sase sathola amaphuzu amathathu," okhulumela iSAFA, uDominic Chimhavi, utshele iSport24.

Uthi uma kungukuthi unompempe washaya eceleni lokho akuhlangene nabo, wathi nabo (iBafana) isike yaba yizisulu zezinqumo zonompempe ezishiya imibuzo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.