Sanco: Idinga ukusukunyelwa eyokujikijelwa kwezimoto ngamatshe

2018-01-08 11:00

Johannesburg – ISouth African National Civic Organisation isizigxekile izigameko zokujikijelwa kwezimoto ezidlulayo ngamatshe asuka emabhulohweni, KwaZulu-Natal.

Kwashona umfana oneminyaka engu-7 ubudala nowesifazane ngesikhathi imoto ababehamba ngayo ishaywa ngetshe behamba ku-N2 phakathi kwasoThongathi naseBallito, enyakatho yeTheku, ngomhlaka-28 Disemba, kwathi esinye isigameko senzeka ngempelasonto lapho kulimale khona kabi owesilisa, 30.

ISanco inxuse iziphathimandla zaKwaZulu-Natal ukuba zithathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi lezi zigameko ziyagwemeka.

"Kumele kutshalwe abazoqapha okwenzeka emabhulohweni kuphinde kufakwe namakhamera ukuze kugwemeke lezi zigameko," kusho okhulumela iSanco uJabu Mahlangu.

OLUNYE UDABA: Kuphume imiphefumulo ngetshe eliwele emgwaqeni e-KZN

"Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi kulimale kabi owesilisa ngesikhathi imoto yakhe ijikijelwa ngetshe ngabo-22:00 ngoMgqibelo ebusuku ehamba ku-N2 ngasoThongathi, wabe esephuthunyiswa esibhedlela," esho.

UMahlangu uthe lezi zigameko zidinga ukusukunyelwa ukuze kuthunyelwe umyalezo onqala kulabo abenza okubi.

"Kumele kujutshwe ithimba elizoqinisekisa ukuthi abashayeli bavikelekile kula bantu abanezinhliziyo ezimbi abangenandaba nempilo yomuntu," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.