Sebeboshiwe abasolwa ngokubulala ngobandulela uKhisimusi

2017-01-03 11:31

Thohoyohandou - Amaphoyisa aseThohoyandou abophe abasolwa ababbili ababandakanyeka esigamekweni sokubulawa komuntu osemusha, owagwazwa waphucwa neselula yakhe ngobusuku obandulela obukaKhisimusi.

Abasolwa oneminyaka engu-18 noneminyaka engu-9 ubudala baboshwe esigodini sasePhathutshedzo eduzane naseThohoyandou ngoMsombuluko ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kuzalwe inqwaba yezingane ngoKhisimusi eGauteng

Isidumbu singaRihangwele Ramaremisa satholwa umuntu owayedlula ngendlela ngasemgwaqeni endaweni yaseShayandima ngaphandle kwaseThohoyandou.

Kusolwa ukuthi ngomhlaka-24 Disemba, abasolwa bashayela isisulu ucingo.

Lokhu kwase kuholela ekutheni kuhlanganwe.

"Kusolwa ukuthi umufi wathola ucingo esasekhaya, wahamba, wangabe esabuya. Isidumbu sakhe satholwa eceleni komgwaqo ngosuku olulandelayo sinamanxeba okugwazwa emilenzeni," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoape.

"Ngesikhathi abasolwa beboshwa, kwatholwa isikhali esasetshenziswa ukubulala umufi kanye namaselula amabili akhe."

Abasolwa balindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou maduze.

Uphenyo luyaqhubeka.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.