Sebehlinzekwe ngogesi abaseMizamo Yethu

2017-12-16 11:30

Cape Town – Idolobha laseKapa selihlinzeke imindeni engu-355 ngogesi eMizamo Yethu e Hout Bay, ngoLwesihlanu.

Ngesitatimende esikhishwe yiMeya uPatricia de Lille uqashwe izakhamuzi ezingu-18 zakule ndawo ukuba yingxenye yalabo abazokwenza umsebenzi wokuxhuma ugesi kule ndawo.

Lolu hlelo luyingxenye yezinhlelo ezinkulu zalo masipala zokuthuthukisa izakhamuza zakule ndawo ngezinsiza ezifana nokubahlinzeka ngamanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nokwakhiwa kwezindlela zokuhamba ezivulelekile.

OLUNYE UDABA:IPrasa isiphinde yaqoka ibamba lesikhulu esiphezulu eminyakeni emibili

Le Meya ithi ukuvulwa kwezindlela kanye nokwakhiwa kwemigwaqo kozosiza umasipala ngisho nabezimo eziphuthumayo bakwazi ukufinyelela kulezi zakhamuzi ngokushesha.  “Kuyimpumelelo emkulu lokhu esikuzuzile ngalo msebenzi nowube yimpumelelo ngokusebenza ngokubambisana nomphakathi kanye nabaholi bawo,” kusho uDe Lille.

Izakhamuzi zaseMizamo Yethu zabamba imibhikisho embalwa kusukela ngoMashi, kwashiswa izindawo ezimbalwa becasulwa wukuthi uMasipala uhudula izinyawo ekuletheni intuthuko kubona.

Ngenyanga kaJulayi lemibhikisho yaqina kakhulu futhi kwaba nodlame olungalawuleki izakhamuzi ziqhubekile nokushisa.

Lo mbhikisho waze waphela lapho izakhamuzi ziba nesivumelwano nomasipala ngokuthi uzozama ukusebenza ngokushesha ukuletha intuthuko.





Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.