Sebehudula izinyawo abathembisa ngokusiza umengameli Zuma - Umbiko

2016-07-03 11:03

Johannesburg – Kuthiwa osomabhizinisi ababethembise uMengameli Jacob Zuma ukumkhokhela imali ayikweletayo ngokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla, sebemanqika.

Iphephandaba iSunday Times libike ukuthi labo somabhizinisi abasazimisele ngokunikelela umengameli u-R7.8 million awukweletayo ngoba seliyaphela ihlandla lakhe.

UMnyango woMgcinimafa watshela iNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi uZuma kumele akhokhe imali engaphezulu kancane kuka-R7.8 million ngokulungiswa komuzi wakhe.

OLUNYE UDABA: Nkandla: Okunye okuhlale obala ngombiko

UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC) uGwede Mantashe wake waveza ngaphambilini ukuthi iqembu alinazinhlelo zokuqoqela umengameli le mali.

UZuma kumele kushaye umhlaka-24 Agasti eseyikhokhile le mali.

Inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi le mali kumele iphume ephaketheni likamengameli, uma kukhona abamnikelelayo kumele akuveze lokho ukuze ezokhokha iDonation Tax.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.