Sebeqalile ukuzitapela kwiBaroka FC

2017-05-21 17:06

Durban – IFree State Stars icathamela umqeqeshi weBaroka FC esengozini yokugencwa yizembe kwi-Absa Premiership ngokuphela kwale sizini.

ILANGA LangeSonto lihoshe ngemithombo yalo engashayu eceleni ukuthi iStars inxenxa uMilton Dlamini oyibambe kwiBaroka njengamanje.

Kuthiwa izikhulu zeStars zichazekile ngendlela aqeqesha ngayo futhi zibona ezongena khaxa esitayeleni sale kilabhu ecijwa nguSerame Letsoaka.

Kuthiwa izikhulu zeStars sezixhumene noDlamini oyibambe noKgoloko Thobejane kwiBaroka. Kuyimanje uLetsoaka usizwa nguDavid Vilakazi ongene esikhaleni sikaThemba Sithole.

OLUNYE UDABA: IPirates icathamela owe-Arrows

Umthombo uthi: “Sekusele kancane ukuthi konke kuphothulwe. Inkinga wukuthi okwamanje uDlamini usafuna ukuqeda umsebenzi wakhe kwiBaroka. UDlamini ungumuntu ozimiselayo ekuqeqesheni futhi ukhombisa ikhono elibabazekayo yize efike kwiBaroka isimo sesivele sesisibi kakhulu.

“Izikhulu zeStars sezike zabonisana baye mayelana nokumgixabeza lo msebenzi wokusiza uLetsoaka nokho bavumelana ngokuthi kumele zilinde kuze kuphele isizini.”

Ethintwa uDlamini ukuphawula, uvele waluhleka usulu lolu daba. Uphikile ukuthi useke waxhumana nezikhulu zeStars. Uzeseka ngokuthi okwamanje akakwazi ukukhuluma namanye amakilabhu kwazise usanenkontileka neBaroka okumele ayihloniphe.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.