Sebevelile 'ababedlwengula abasebenzi bethi wusiko'

2017-06-13 16:01

Johannesburg - Owesifazane owayecabanga ukuthi sekuzomuhambela kahle kulandela ukuthola umsebenzi esitolo esidayisa izithelo washaqeka esethola ukuthi uqashwe wusathane uqobo lwakhe.

Kusolwa ukuthi indawo asebenza kuyo lo wesifazane "inosiko lokudlwengula".

Abasebenzi bathi abaphathi babo nomnikazi wesitolo esiseMayibuye eduzane naseTembisa, eKurhuleni, baphoqa abasebenzi besifazane ukuthi benze ucansi nabo.

OLUNYE UDABA: Ulalwe yikhansela limthembisa umsebenzi

Lokhu kuvele ngesikhathi esinye sezisulu ebesesikhathele ukuthula sibikele amaphoyisa.

Lesi sisebenzi esineminyaka engu-25 ubudala sithi sadlwengulwa kabili ezinsukwini ezimbili.

Sithi umphathi waso wasitshela ukuthi kuwusiko lwabo ukulala nabo bonke abantu besifazane ababasebenzelayo.

"Imenenja yami yangidlwengula iphindelela. Ngazama ukuyilwisa kodwa yayinamandla kunami yangehlula," esho.

UCaptain Mofana Masela uthe kuboshwe abasolwa ababili kanti sebevelile eNkantolo yeMantshi yaseTembisa.

Abasolwa kulindeleke ukuba babuyele enkantolo ngomhlaka-21 Julayi kulandela ukudedelwa ngebheyili. 


 - Daily Sun

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.