Sebeyitholile imiphumela abasolwa ngokukopela kaMatric

2017-01-20 11:37

Giyani – Imiphumela kamatikuletsheni yesikole saseLimpopo esisolwa ngokuthinteka ekuputshukeni kwephepha lezibalo isikhishiwe, kusho uMnyango weMfundo eyisiSekelo ngoLwesihlanu.

Abafundi bakamatikuletsheni abangu-14 baseGiyani High School, eMopani District, nokusolwa ukuthi bazivumela bona ukuthi bathola leli phepha leMathematics Paper II ngo-Okthoba wangonyaka owedlule, bangabanye balabo abathole imiphumela yabo ngoLwesine, ngokusho kokhulumela uMnyango, u-Elijah Mhlanga.

OLUNYE UDABA: Oka-Matric uthethiswe wazibulala

Le miphumela iphume ngemuva kwezinsuku ezimbili iNkantolo eNkulu yaseThohoyandou iyalele uMnyango ukuba ukhiphe imiphumela kamatikuletsheni yaseNew Era College, umnikazi wayo okunguTinyiko Khosa, nobethinteka kulokhu kuputshuka kwephepha.

UMhlanga uthi ukuqondiswa kwezigwegwe kwabafundi baseGiyani High School abasolwa ngokukopela seluphothuliwe.

Le miphumela bekulindeleke ukuba ikhishwe ngesonto elizayo.

Izikhulu zoMnyango zaqale zathola leli phepha liphethwe yizingane zakulesi sikole saseGiyani ngonyaka odlule.

Uphenyo loKlebe lwadalula ukuthi abafundi baseNew Era College basabalalisa leli phepha lesivivinyo enkundleni yezokuxhumana.

Lokhu kwaholela ekuboshweni kwaKhosa, 52, ngalesi sigameko. Ubhekene necala lokweba.

UKhosa uphinde abe nezinye izikole ezimbili ezizimele eMalamulele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.