Sebezothola iPaternity Leave obaba bakuleli

2017-11-29 18:00

Johannesburg - IPhalamende ngoLwesibili, mhlaka-28 Novemba, liphasise umthetho ozonikeza obaba baseNingizimu Afrika ilungelo lokuthola ilivu yezinsuku eziyishumi uma besanda kubusiswa ngabantwana.

ILabour Laws Amendment Bill iphasiswe esiShayamthetho sikazwelonke kanti manje kulindeleke ukuba ibuyekezwe yiNational Council of Provinces.

Lo mthetho ubala nelivu yamasonto ayishumi ohlelweni loku-adoptha uma kuphela umntwana eneminyaka engaphansi kwemibili ubudala. Le livu kodwa itholwa ngumzali oyedwa kuphela.

Kuphinde kubalwe ne-surrogacy leave, kwenyuswe i-UIF kanye nemihlomulo ye-maternity. 

OLUNYE UDABA: Kuvaliwe ukushadiswa kwezingane eMalawi

Yize lo mthetho ubeka umthwalo omkhulu emahlombe e-UIF, kepha uzothela izithelo ngokuthi kwakheke imindeni ethokozile.

UKenneth Meshoe, ongumholi we-ACDP, uthe bayazamukela futhi bayazigqugquzela izinhlelo ezibandakanya obaba ezimpilweni zezingane, ikakhulukazi "ezweni elinomlando wobaba abahlukaniswa nemindeni yabo futhi elingakugqugquzeli ukuthi babe yingxenye yokukhuliswa kwezingane."

UMatthew Parks, weCongress of South African Trade Unions (Cosatu), ucashunwe yiBusiness Day ethi: "Lo mthetho ozobona izigidigidi zamarandi zidedelwa yi-UIF zingena emaphaketheni ezisebenzi, okuyinto ezobasiza ukuthi banakekele imindeni yabo. Kuzophinde kusizakale nobaba ekutheni badlale indima ekunakekeleni izingane zabo ezisanda kuzalwa."

UWessel van den Berg, weSonke Gender Justice, ucashunwe embhalweni wenhlangano kuTwitter:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.