#SecretBallot: USomlomo wePhalamende uthi akuvotwe ngokuyimfihlo

2017-08-07 15:55
Durban - USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete uthi usicabangisise kahle isinqumo sakhe ngodaba lwevoti eliyimfihlo.

Uthi isinqumo sakhe usithathe ngoba ufuna konke kuhlale obala ngalokhu asekukhethile futhi ucele abezindaba ukuba bahloniphe isinqumo sakhe sokungathathi imibuzo njengoba ebezokwenza lesi simemezelo.

Uthi kuzohlelwa olunye usuku lapho ezochaza khona kabanzi ngokuthi kungani enze lesi sinqumo sakhe.

UMbete ubuye wacela amaqembu aphikisayo ukuthi asihloniphe isinqumo senkantolo futhi ahloniphe nesinqumo sePhalamende.

Uthi yena waqokwa yiPhalamende ukuba ahlale kulesi sikhundla futhi ngeke agudluke njengokusho kwamalungu amaqembu aphikisayo njengoba ethi ubulungu bakhe kwi-ANC bungahle bube nomthelela kwizinqumo azithathayo.

OLUNYE UDABA: Bathandazela ukuthi uZuma aphunyuke evotini lokungamethembi

Ngomhlaka 22 Juni iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha isinqumo sokuthi uyena onegunya lokuthatha isinqumo sokuthi avume noma aphikise isicelo sokuvotela ukungamethembi uMengameli.

Isinqumo sokuthi ivoti libe yimfihlo noma cha, konke lokho kulele emahlombe akhe. 

Uthi uyizwe kahle imiyalo yale nkantolo ukuthi leli voti libalulekile ukuphoqeni uMengameli wezwe ukuba abe nokuziphendulela ngezinyathelo azithathayo futhi le nkantolo ikubeke kwacaca ukuthi okwenziwa ePhalamende kumele kuvuleleke futhi amaLungu ePhalamende akumele ngaso sonke isikhathi acashe ngamavoti ayimfihlo.

Uthi lesi sinqumo sibaluleke kabi ezweni lonkana ngakhoke usethathe isinqumo sokuthi akuvotwe ngokuyimfihlo

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.