Sekubekwe izinsuku okungase kuvotwe ngazo eZim

2018-02-28 07:08

Harare - Abantu baseZimbabwe bazoya okhethweni lukazwelonke ukukhetha umengameli omusha phakathi kukaJulayi 21 no-Agasti 22 nonyaka, kusho inhlangano eyangemele ukhetho eZimbabwe.

Kuzobe kungokokuqala kuyiwa okhethweni selokhu uRobert Mugabe,94, aphoqwa ukuba ehle esikhundleni ngoNovemba wangonyaka odlule, futhi engasekho emhlabeni umholi weqembu eliphikisayo i-MDC-T uMorgan Tsvangirai.

UTsvangirai udlule emhlabeni ngemuva kokugula ephethwe yisifo somdlavuza ekuqaleni kwenyanga kaFebhuwari.

UMengameli weqembu elibusayo iZanu-PF u-Emmerson Mnangagwa, 75, othathe izintambo kuMugabe, uzobe ebanga isikhundla noNelson Chamisa, 40, obambe kwesokuhola iqembu eliphikisayo.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owesifazane otholakale nesidumbu sosana

NgoMsombuluko, uJustice Priscilla Chigumba, usihlalo omusha weZimbabwe Electoral Commission (Zec), uthe nakuba kuyilungelo likamengameli ukumemezela usuku lokhetho, kumele kuhambisane noMthethosisekelo.

UChigumba, othathe izintambo ekupheleni kukaJanuwari, uthi uMthethosisekelo waseZimbabwe uthi ukhetho lukazwelonke kumele lubanjwe zingakadluli izinsuku ezingu-30 ngaphambi kokuphela kwehlandla leminyaka emihlanu likamengameli oholayo.

Ukhetho lokugcina lwalungoJulayi 31, 2013 kanti umengameli wagcotshwa ngo-Agasti 22.

“Lokhu kusho ukuthi ukhetho olulandelayo kumele lubanjwe phakathi kukaJulwai 21 no-Agasti 22, 2018,” kusho uChigumba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.