Durban - Sekubonwa ngokusa kwinkakha kanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika exinwe yisifo somdlavuza osudlulele ekutheni ingaboni kahle, kanti nobuphofu budla lubi kulo mdlali nomdeni wakhe.
UCedric “Sugar Ray” Xulu owagqama edlalela AmaZulu neSouth African Black XI usephila esimweni esingesihle sempilo, esesibhebhezelwa wubuphofu kwazise ikhaya selibhekwe yindodana eyodwa.
Lokhu sekusukumise abalandeli boSuthu nabathandi bebhola bahlanganisa amakhanda ngokuhlela umdlalo imali ezotholakala kuwo iye esikhwameni sokubhekela lomdlali.
Kuvele isiphakamiso sokuthi lesi sikhwama asizogcina ngokubhekela uXulu kuphela kodwa kuzosizwa nabanye abadlali abasesimweni esifana nesakhe kodwa ngeshwa abangagqamanga njengaye.
Ezakamuva zithi lokhu kungenxa yokuthi kusanda kwedlula emhlabeni umama wekhaya kanti amadodana akhe amabili awasebenzi, basizwa ngeyodwa ehlala eGoli.
Iqembu selijube ikomiti elibhekela wonke lomsebenzi eliholwa AmaZulu FC anophiko olubizwa ngokuthi AmaZulu Community Development Trust .
OLUNYE UDABA:Kwembulwa kwembeswa kodutshulwe izigebengu kwaDabeka
Okhulumela abalandeli bale liqembu uMnuz Mike Nxasane utshele leli phephandaba ukuthi kuyathusa ukubona umuntu obehlonishwa kanje futhi obebamba iqhaza kwibhola lakuleli ephenduka into yalutho kanje..
Uphinde waveza nokuthi abaphathi beqembu basezinhlelweni zokuhlonipha iqhaza elabanjwa uSugar Ray lokho bazokwenza ngokwakha isikhwama esizomlekele esimweni sempilo yakhe.
“Siyajabula uma sibona umnyakazo njengoba iqembu lamaZulu esengenelela noMkhandlu weTheku . NgoJanuwari 27 kuzokwethulwa iSugar Ray Xulu Legacy Programme emcimbini ozokuba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini ngo 9 ekuseni.Kuthi ngo 26 kuFebhuwari kuzoba nomdlalo phakathi kwe Real Kings naMaZulu , inhloso yawo okungukuphila imali yesikhwama”, kubeka uNxasane.