Sekuboshwe abane kwesokubulawa kwamaphoyisa amahlanu eNgcobo

2018-02-22 19:29

Ngcobo - Kuboshwe amadoda amane malunga nesigameko sangoLwesithathu sokubulawa kwamaphoyisa amahlanu esiteshini samaphoyisa eNgcobo, kusho uKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape uMajor-General Liziwe Ntshinga etshela umndeni kaConstable Kuhle Mathetha.

UNtshinga uveze lezi zindaba kulo mndeni ngesikhathi yena nezikhulu zamaphoyisa behambele umndeni kaMathetha ekhaya lawo eNcorha, ngaphandle kwaseNgcobo, ukuyowazisa ngokusemthethweni ngokushona kwaleli phoyisa, kubika iDispatchLIVE.

UNtshinga uthe la madoda amane aboshwe ngesikhathi esho amagama angahambisani nalawo akomazisi bawo endaweni yezivakashi.

Umnikazi wale ndawo ube esehlaba umkhosi emaphoyisa, zase zibakhalela kanjalo abasolwa.

OLUNYE UDABA: Asekhishiwe amagama amaphoyisa abulewe eNgcobo

“Mama kaKuhle, ungakhathazeki ngoba sesizibophile lezi zigilamkhuba. Asizange silale njengoba besiphansi phezulu ubusuku bonke sithungathana nazo saze sazibamba. UKuhle nalawa amanye amaphoyisa angamaqhawe," kusho uNtshinga.

La maphoyisa abulawe ngesikhathi isigejane samadoda sigasele esiteshini samaphoyisa esiseNgcobo, phakathi koMthatha naseQueenstown, ngoLwesithathu, savulela ngenhlamvu sibhekise emaphoyiseni abesemsebenzini.

Kubulawe amaphoyisa amathathu esiteshini samaphoyisa.

Kuthiwa izigebengu zibe sezihlukanisa amaphoyisa esilisa nawesifazane, ngaphambi kokushaqa izibhamu eziyisithupha ezingama-pistol, ama-shorgun amabili kanye nama-rifle amabili.

Amaphoyiska abulelwe ngoWarrant Officer Zuko Mbini, 45, noConstables Zuko Ntsheku, 38, Nkosiphendule Pongco, 32, Sibongiseni Sondlana, 32 noKuhle Metete, 27.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.