Sekuboshwe omunye futhi 'kwelokudliwa kwezicubu zomuntu' e-KZN

2017-08-23 12:33

Durban - Sekuboshwe indoda yesihlanu okukholakala ukuthi iyabandakanyeka esigamekweni sokudliwa kwezicubu zomuntu endaweni yase-Escourt, KwaZulu-Natal.

ITimesLIVE, ithole ukuthi umsolwa uboshwe ngamaphoyisa ophiko iProvincial Occult Related Crime Unit.

Le ndoda eneminyaka engu-32 ubudala iboshwe ngoLwesibili ebusuku endaweni yaseLoskop. 

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

Ukuboshwa kwale ndoda kuza ngemuva kokuboshwa kwamadoda amane avele enkantolo kuleli sonto ngokubandakanyeka odabeni lokudla izicubu zomuntu nokwenza imithi ngazo.

Le ndoda ithweswe icala namuhla (ngoLwesithathu) ekuseni kanti ingase ivele enkantolo kanye nalawa amanye amadoda aboshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe lolu daba lubucayi, kodwa waqinisekisa ukuboshwa kwale ndoda.

Inqwaba yabantu esivelile emaphoyiseni ngemininingwane yamalungu omphakathi adla izicubu zabantu. Kulabo ababoshiwe kubalwa nenyanga eneminyaka engu-32 ubudala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.