Sekuboshwe omunye umsolwa ngokubulawa kukathisha

2016-07-18 16:03

Port Elizabeth – Amaphoyisa asephinde abopha omunye umsolwa mayelana nokubulawa kukathisha wasePort Elizabeth, uJayde Panayiotou, kusho iNational Prosecuting Authority ngoMsombuluko.

Le ndoda iboshwe eGreen Bushes, khona ePort Elizabeth, ngeSonto, kusho okhulumela i-NPA uTsepo Ndwalaza.

Kunobufakazi obuqinile obumyamanisa nokuthunjwa nokubulawa kukaPanayiotou, kusho uNdwalaza.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Bayavela abasolwa ngokubulala uthisha wase-PE

“Ubufakazi bukhomba ukuthi umsolwa wayekhona lapho kuhlala khona umufi ngesikhathi ethunjwa, ekanye nabanye abasolwa oSizwezakhe Vumazonke noSinethemba Nenembe,” esho.

UPanayiotou, 29, wabulawa ngo-Ephreli 2015, kanti kusolwa umyeni wakhe uChristopher, 30, ngalesi senzo.

Umufi wathunjwa ngaphandle kwalapho ayehlala khona elinde imoto emthathayo uma eya emsebenzini.

Isidumbu sakhe satholakala ngakusasa esigangeni KwaNobuhle, e-Uitenhage.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.