Sekuboshwe umsolwa wesi-9 ngokudlwengulwa kona-13

2017-01-19 14:30

Cape Town – Kuboshwe umlisa wesishagalolunye ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 ubudala eNyanga, kutshelwe iNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesithathu.

Owesilisa, ongakathweswa icala, uzojoyina abanye abangu-8 asolwa nabo uma sebefaka isicelo sebheyili.

Lona uboshwe ngoLwesibili ebusuku ngemuva kokubuyela esifundazweni i-Western Cape kade ese-Eastern Cape isikhathi eside.

OLUNYE UDABA: Ucela usizo ongabafuni abantu abamnyama, ikati lilele eziko

Abameli babamangalelwa basiphikisile isicelo sokuhlehliswa kwecala ebesifakwe uMbuso, bethi kumele abekwe eqhulwini amalungelo amakhasimende abo.

Imantshi kodwa ivumile ukuthi icala lihlehliselwe uLwesihlanu oluzayo, kanti abasolwa basazogqunywa esitokisini.

Amaphoyisa athi ingane yentombazane yayihamba yodwa kuRobert Sobukwe Road ngezithuba zabo-20:00 ngesithathi ithathwa abesilisa beya nayo emjondolo nokuyilapho bayidlwengulela khona bephindelela, baze bayidedela ngakusasa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.