Sekuboshwe umsolwa wesibili kwesaseGlebelands

2017-08-25 14:02

Durban – Sekuboshwe umsolwa wesibili mayelana nesigameko sangoJulayi sokubulawa kowesifazane owayenesitolo ngaphakathi ehostela iGlebelands, eMlazi, eningizimu yeTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Umsolwa, 28, zimkhalele kulona leli hostela ngoLwesine ebusuku ngemuva kokuthi amaphoyisa abeqhuba umsebenzi kuleli hostela, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

Umsolwa wokuqala, 31, ekubulaweni kukaSbongile Mtshali, 52, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesine ekuseni ngemuva kokuboshwa ngamaphoyisa asebenza ngobugebengu obuhleliwe, agcina ukuthula emphakathini kanye nakaMasipala weTheku.

UMtshali wayesesitolo sakhe ngabo-20:00 ngomhlaka-26 Julayi, ngesikhathi ehlaselwa amadoda amabili ayezenza abathengi.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela laseMlazi

"Abasolwa babe sebevulela ngenhlamvu babulala uMtshali ngaphambi kokubaleka ngonyawo. UMtshali wadubuleka ekhanda nasesifubeni. Wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko,” kusho uZwane.

Bobabili abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi kungekudala, esho.

Khonamanjalo, isibalo sabantu asebebulewe kuleli hostela sesimi ku-93 kulandela ukubulawa kowesilisa, 38, ngoLwesibili ebusuku, ngomhlaka-22 Agasti.

Kulandela ukubulawa kwakhe, kuboshwe owesilisa, 36, ngosuku olulandelayo gemuva kokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kusho uZwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.