Sekuboshwe umsolwa wesine ngesigameko saseMbongolwane

2017-08-21 19:30

Durban - Ithimba labaphenyi selibophe umsolwa wesine ecaleni lokuhlaselwa komndeni wakwaNtshangase, eMbongolwane.

Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombuluko ngamacala okubulala nelokuzama ukubulala.

Lokhu kulandela ukuboshwa komsolwa wesithathu ngesonto eledlule nokuyilapho okwavela khona ukuthi isisulu sesine esadutshulwa kulesi sigameko sishonele esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

Lo mndeni wahlaselwa ngezintatha zangomhlaka-6 kwephezulu.

Amalungu alo mndeni ayelele endlini karawondi ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda angaziwa.

Abasolwa bavulela ngenhlamvu, bashisa leli gumbi abebelele kulo. Abantu abathathu abaseminyakeni ephakathi kuka-30 no-50 ubudala bashonela endaweni yesigameko.

Amaphoyisa athi ayikacaci kahle imbangela yalesi sehlakalo kodwa babili abasolwa abaphekwa ngemibuzo ngalokhu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.