Sekubulawe elinye ilungu le-ANC KwaZulu-Natal

2016-07-18 17:34

Durban – Lowo obezomela i-ANC okhethweni lwezindawo olungomhlaka-3 Agasti, udutshulwe washona ngaseHarding, KwaZulu-Natal, ngoMsombuluko ekuseni.

Umbiko weSouth Coast Herald uveze ukuthi uBongani Skhosana, 41, ubemele i-ANC kuWard 1 kuMasipala waseMuziwabantu.

Amaphoyisa asesiqinisekisile lesi sigameko, athi kuvulwe icala lokubulala.

Okhulumela amaphoyisa aseMargate uCaptain Gerald Mfeka uthe uSkhosana udutshulwe kabili ekhanda.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC eKZN

“Udutshulwe ephakathi emotweni yakhe elungiselela ukuphuma ekhaya ehambisa izingane esikoleni. Abasolwa basagcwele amathafa.”

Okhulumela i-ANC Lower South Coast Region uSipho Dlamalala uthe bashaqeke kakhulu ngokudlula emhlabeni kwelungu labo.

“Sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.