Sekubulawe ilungu lesibili likaKhongolose eKZN

2016-07-18 20:31

Johannesburg – Sekubulawe ilungu lesibili le-ANC osukwini olulodwa KwaZulu-Natal, womabili amalungu abulawe ngokudutshulwa.

Ngokombiko weLadysmith Gazette, umufi obezomela i-ANC kuWard 20 okhethweni lwezindawo, udutshulwe ehamba kuCentenary Road, eMnambithi ngesikhathi abahlaseli bevulela ngenhlamvu ngoMsombuluko ntambama.

Leli lungu lilimale kabi lase liphuthunyiswa esibhedlela, ngeshwa lashona ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa indodana yelungu le-ANC kukhankaswa

Okhulumela i-ANC kulesiya sifunda uSipho Hlomuka akazange atholakale ukuba aphawule.

Ukubulawa kwaleli lungu kuza ngemuva kokudutshulwa kukaBongani Skhosana obemele i-ANC kuWard 1 eHarding.

Kukholakala ukuthi asevile kwayishumi amalungu ale nhlangano asebulewe kulezi zinyanga ezintathu ezedlule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.