Sekuchazeke no-R Kelly ngomlisa waseThekwini ocula izingoma zakhe

2017-06-23 09:31

Johannesburg – Umlisa wakuleli osezakhele udumo ngokucula izingoma zika-R Kelly usechaze ngisho naso iqubo isihlabani somculi waseMelika azenza sona, u-R- Kelly.

UThandinkosi Mahlalempini nosedume ngelika-“R Kelly waseMzansi”, ungowokuzalwa KwaDabeka esigcemeni sakwa-A, entshonalanga neTheku.

Leli bhungu lisanda kumenywa ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show (VMBS) kuKhozi FM nalapho ekhiphe khona ingonyuluka ngokuthi ubesehlala emgwaqeni futhi edla izidakamizwa nokuyinto athi yamulimaza kakhulu empilweni njengoba ethi wayiqala esemncane kakhulu.

OLUNYE UDABA: Izinxushuxhushu ngohambo lukaBabes Wodumo

UMahlalempini utshele umsakazi woKhozi FM, uSipho ‘DJ Sgqemeza’ Mbatha, ukuthi umculo wawuqala esontweni njengoba ethi nobaba wakhe wayengumfundisi.

Ngaphezu kwalokho leli bhungu elizichaza njengomuntu onekhono elihle lokubhala izingoma liphinde libe nengoma elithi layibhala sakudlala nje lingagxilile ngenxa yokuthi lalisacwile kakhulu ezidakamizweni. Le ngoma isihloko sithi What a beautiful day kanti isike yadlala nasemsakazweni uKhozi FM.

Manje uMahlalenkosini usedume cishe umhlaba wonke ngemuva kokuqoshwa eserenki yamatekisi ecula enye yezingoma zika-R Kelly nesihloko sithi Bad Man, nokuyinto eze yathatha ngisho amehlo akhe u-R Kelly imbala. U-R Kelly uzifakele ngokwakhe i-video yaleli bhungu ku-Instragram wakhe.

Zibonele le-video yaMahlalempini ngezansi kanjalo neziqeshana zengxoxo yakhe no-DJ Sgqemeza: 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.