Sekudluliselwe ekomitini ukuxoshwa kwe-EFF noMadisha ePhalamende

2017-02-13 11:33

Cape Town – IPhalamende selidlulisele ekomitini lezemithetho isigameko sokukhishwa ngendluzula kwamalungu e-EFF kanye nokubanjwa ngamawashingi kwelungu leCope, uWillie Madisha, ngesikhathi lixoshwa.

UMadisha waba ngowokuqala ukuthi akhishwe “ngonogada” basePhalamende ngesikhathi kunenkulumo kaMengameli Jacob Zuma abeyethulela isizwe ngoLwesine kusihlwa.

OLUNYE UDABA: ‘UZuma uhlela ukubulala labo angavumelani nabo’ – EFF

Ukukhishwa kwakhe kwalandelwa yimpi phakathi kwamalungu e-EFF kanye nonogada basePhalamende njengoba leli qembu lalishaya phansi ngonyawo lithi uZuma akangavunyelwa ukuba ethule inkulumo.

Ngokwemithetho yasePhalamende, amaLungu ePhalamende asuke exoshiwe amiswa izinsuku ezinhlanu zomsebenzi. Ngalesi sikhathi awavumelekile ukuthi angene ngaphakathi ezindlini zePhalamende kuze kube kuphela ukumiswa kwawo.

NgoLwesihlanu, iPhalamende lathi bangu-8 onogada abathola ukulimala ngesikhathi kongongaphansi nongaphezulu, bedudulana namalungu e-EFF. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.