Sekudutshulwe abanye abantu abathathu ehostela lodumo eKZN

2017-07-31 19:30

Durban - Kulimale amadoda amathathu ngemuva kokudutshulwa ehostela lodumo iGlebelands ngoMsombuluko ekuseni.

Lokhu kwenzeke ngemuva kwezinsuku ezinhlanu kudutshulwe kwabulawa abantu ababili kulo lelo hostela eliseMlazi.

Isigameko sokudubula senzeke ngezithuba zabo-09:55, ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

"Kudutshulwe amadoda amathathu ngesikhathi ehlezi esitolo esikuBlock N, edutshulwa yindoda engaziwa," kusho uZwane.

Uthe indoda, 31, ithole inxeba lokudutshulwa endololwaneni yalimala nasemunweni esandleni sokudla.

Isisulu sesibili esineminyaka engu-30 ubudala, sakuBlock M sona sithole inxeba engalweni yangakwesokudla. Isisulu sesithathu sona esineminyaka engu-31 ubudala naso sidutshulwe engalweni.

OLUNYE UDABA:'Ukufakwa kwefenisi kuzokwenza kube nzima ukubalekela izitha'

"Imbangela yesigameko ayaziwa. Amaphoyisa aseMlazi avule amacala amathathu okuzama ukubulala. Akukaboshwa muntu okwamanje," kusho uZwane.

Ngokusho kwesishoshovu somphakathi uVanessa Burger, owathula ubufakazi kwiMoerane Commission emasontweni amabili adlule ngodlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal, kwabalimalile, oyedwa wabo kusolwa ukuthi wayeyisisulu sokuhlukunyezwa ngamaphoyisa ngo-2016.

Ngesonto eledlule, ngoLwesithathu, kwadutshulwa indoda, 32, ekhanda, idutshulwa ngabasolwa abangaziwa ngezithuba zabo-20:15. Ngemuva kwemizuzu engu-15 kwenzeke leso sehlakalo, kwabe sekudutshulwa owesifazane, 52, obenesitolo ngaphakathi kuleli hostela.

Ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekhomishana ekuqaleni kwenyanga, uBurger uthe ihostela liyisizinda sezinkabi okungenzeka ukuthi ziqashelwe ukuba zisebenze isifundazwe sonke kanti futhi kungenzeka ukuthi zibandakanyeka ezigamekweni zokubulawa kwabantu abangu-89 esifundazweni, kubalwa namakhansela.

UBurger kanye nabanye ababethula ubufakazi kule khomishana baphinde basola ukuthi amaphoyisa ayabandakanyeka ekuqashweni kwezinkabi ehostela nokudayiswa kwezibhamu.

Ngaphezu kwalezi zinsolo, amaphoyisa ophiko lwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nawe-SAPS asazokuqinisekisa ukuvela ngaphambi kwekhomishana.

Le khomishana izophinde ihlale ngomhlaka-16 Agasti, eMayville, eThekwini.

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.