Sekudutshulwe omunye umuntu ehostela laseGlebelands

2017-08-07 14:02

Durban – Owesilisa udutshulwe walimala ngeSonto ebusuku ehostela laseMlazi eGlebelands. Lokhu kunyuse isibalo sabantu abahlaselwe kuleli hostela sahlala ku-4 kulezi zinsuku eziyisishiyagalombili.

“Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMlazi ngemuva kokudutshulwa kowesilisa oneminyaka engu-39 ubudala kuleli hostela ngo-19:00 ebusuku,” kusho uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa ubeyisigebengu umfana onqunywe ikhanda eMlazi - Umbiko

Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ekubanjweni kwalo msolwa kanye nabanye abathintekayo ezigamekweni zokubulawa kwabahlali bakule ndawo.

Ngomhlaka 31 Julayi kwadutshulwa kwalinyazwa amadoda amathathu aseminyakeni engu-30 ubudala, kanti ngomhlaka-26 kuJulayi kwahlaselwa kwalinyazwa owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala kwaphinde kwabulawa nowesimame oneminyaka engu-52 ngemuva kwemizuzu embalwa.

Okwamanje amaphoyisa athi awanaso isiqiniseko sokuthi ngabe lezi zigameko zenziwe ngabasolwa ababodwa noma cha, kubika i-eNCA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.