Sekufakwe isicelo esiphuthumayo ukuze kuboshwe u-Andile Mngxitama we-BLF

2017-08-02 09:32

Pretoria - ISouth African National Editors Forum (Sanef), omunye wabaphathi bamaBhungane, uSam Sole, kanye ne-Editor-at-Large ye-HuffPost SA, uFerial Haffajee , ngoLwesibili bafake isicelo esiphuthumayo eNorth Gauteng High Court ukuze kuboshwe umholi weBlack First Land First (BLF), u-Andile Mngxitama. 

“UMngxitama uzoboshwa bese ebhadla ejele isikhathi esiyizinyanga ezintathu (90 days) ngokushesha uma ngabe sekunikezwe lo myalelo,” amaphepha afundeka kanjalo.

Lesi sicelo sinxusa inkantolo ukuba ivimbele iBLF kanye noMngxitama ekusabiseni nasekuhlukumezeni, ukugasela emakhaya ezintatheli noma ukwenza ngendlela ezodala ukunyathelwa kwenkululeko yangasese yezintatheli.

Lesi sicelo siphinde sinxuse iBLF kanye noMngxitama ukuthi bahlukane nokwenza noma ngabe yiziphi izenzo zokusabisa ezinkundleni zokuxhumana kanye nakwi-website yeBLF noma kumakhasi angasese eTwitter.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: UMngxitama we-BLF ‘wayalelwa abakwaGupta ukuthi enzeni’

I-BLF kanye noMngxitama sebenikwe kuze kube umhlaka-3 ku-Agasti, ngoLwesine, ukuze baziphendulele kulesi sicelo esiphuthumayo. Lolu daba kulindeleke ukuthi lulalelwe ngesonto elizayo mhlaka-8 Agasti, ngoLwesibili.

ISanef yafaka isicelo sokuvimbela iBLF kanye noMngxitama ngemuva kokuthi uMhleli weBusiness Day, uTim Cohen, wathola ukuhlukunyezwa ngesikhathi ezama ukuthatha isithombe sabalandeli beBLF ngaphandle kwendlu ye-Editor-at-Large yeTiso Blackstar, uPeter Bruce, eGoli.

IJaji uCorrie van der Westhuizen wakhipha isivimbelo seBLF noMngxitama ngomhlaka-7 kuJulayi.

Kodwa-ke ngomhlaka-27 kuJulayi, abalandeli beBLF baphazamisa inkulumompikiswano eyayimayelana nokulawulwa kombuso kanye nama-email athinta abakwaGupta aputshuka (#GuptaLeaks). Le nkulumompikiswano yayisingethwe isikhungo amaBhungane Centre for Investigative Journalism.

USihlalo weSanef  nophinde abe nguMhleli wezePolitiki weNews24, uMahlatse Gallens, wasigxeka lesi senzo seBLF kulo mhlangano wamaBhungane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.