Sekuhoxiswe inkonzo yokukhumbula abashona emayini

2017-02-03 11:35

Barberton - ILily Mine ihoxise inkonzo yokukhumbula abavukuzi abathathu abashona ngonyaka odlule khona emayini, kubika i-eNCA

Izidumbu zabo azikaze zitholakale namanje.

Imayini ithi ithole ukwesatshiswa ngokuthi inkonzo yesikhumbuzo izophazanyiswa.

NgoFebhuwari 5 ngonyaka odlule kwadilika imayini, kwavaleleka abantu abangu-87 emgodini kodwa iningi labo lakhishwa.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe owashaya umalume wakhe ngetsha, washona

Kuthiwa imindeni yabavukuzi abathathu abangatholakalanga isanethemba lokuthi izisulu zizokhishwa emgodini.

Nakuba uhulumeni nemayini bengakasifezekisi isithembiso sokunxephezela imindeni ngo-R200 000 umndeni ngamunye, imayini ithi izoqhubeka nokunakekela imindeni yezisulu.

Ekhuluma kwiPower FM, uRob Devereaux weLily Mine, uthe inkampani iyaqhubeka nokunikeza imindeni imali kanye namaphasela okudla zinyanga zonke. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.