Sekukahlanu uGrace Mugabe evulela ngesibhaxu emazweni

2017-08-16 17:59

Johannesburg – Unkosikazi kaMengameli Mengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, nokunguGrace Mugabe, kubukeka sengathi ungumuntu onesandla esilula futhi akenziwa lutho njalo uma ngabe evakashele emazweni, kubika iHuffPost SA.

Abantu baseZimbabwe abathukile nakancane ngesigameko esisuse omkhulu umsindo kuleli lapho kubikwa khona ukuthi uGrace Mugabe unenebule ngekhebula likagesi owesifazane kwelinye lamahhotela eNingizimu Afrika, uNobhala Jikelele weCommunist Party of Zimbabwe, uNicholas Mabena, utshele iCity Press ngoLwesibili.

Lezi zinsolo zokuba nodlame kwakhe seziholele ekutheni aqanjwe igama elithi "Doctor Stop It" eZimbabwe, usho kanjalo, engeza ngokuthi kumele athole usizo lokulawula intukuthelo.

OLUNYE UDABA:Akucaci kahle ukuthi ukuphi umka Mugabe ofunwa ngelokushaya

Isigameko sangeSonto eGoli bekungesona sokuqala uMugabe ezithola esohlangothini olungahambisani nomthetho ekwelinye ilizwe.

Nazi izigameko ezinhlanu lapho ahluleka khona ukuzibamba isemazweni angaphandle:

Singapore 

UGrace kusolwa ukuthi washaya izintatheli maqede wantshinga omakhalekhukhwini bazo ngesikhathi befika eSingapore nomyeni wakhe, uRobert Mugabe, ngo-Agasti, nokulapho uMengameli Mugabe ayeyohlolwa khona ngokwempilo.

Ngokombiko weBulawyo24.com, kwadingeka ukuthi akhokhele izisulu imali engu-USD 1300 (elinganiselwa ku-R17 200) ukuze adedelwe.

Hong Kong

Ngonyaka ka-2009 umthwebuli wezithombe waseBritain wathi wathelwa ngesibhaxu waphinde washaywa nangezibhakela amahlandla amaningi wunkosikazi kaMugabe ngesikhathi ezama ukumshutha eHong Kong.

IMirror UK yabika ukuthi wathukuthela wagana unwabu ngesikhathi ebona lo mthwebuli, uRichard Jones, emlinde ngaphandle kwehhotela lomntakabani, nokuyilapho ayehleli khona. Kuthiwa uJones washaywa ngokuhlanganyela nonogada kaGrace kanti waze waba nezibazi ngenxa yeringi yedayimane kaGrace.

Malaysia 

Ngonyaka ka-2009 uGrace kuthiwa wangenela ngenduku umsebenzi wasesikhumulweni sezindiza eKuala Lumpur, eMalaysia, ngemuva kokuba emtshele ukuba uhamba endaweni okungafanele ahambe kuyona. Owazibonela watshela iNehanda Radio, ukuthi wabamba lo msebenzi ngokhololo maqede wamtshela ukuthi yena ungunkosikazi kaMengameli futhi angenza noma yini ayithandayo ngesikhathi afuna ngaso.

Dubai

UNobhala Jikelele weCommunist Party of Zimbabwe, uNicholas Mabena, ngoLwesibili uthe uMugabe “ungumuntu onodlame sidalwa” nalapho elinganise ngesigameko sakamuva lapho kusolwa ukuthi washaya intatheli yaseDubai.

“Uyazi ukuthi wenzani eDubai ngesikhathi eshaya izintatheli. Unomlando wokushaya abantu,” usho kanje.

South Africa

Kuleli sonto nje, uGrace usolwa ngokuthi uvulele ngesibhaxu kumkhangisi wengqephu, uGabriella Engels, ehhotela eliseSandton ngempelasonto. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.