Sekukhethwe ubuholi obusha beqembu iNational Freedom Party

2017-12-04 14:00

EThekwini - Ngempelasonto iqembu iNational Freedom Party libambe inkomfa kazwelonke eMajuba Tvet College eMadadeni lapho bekudingidwa khona isimo salo.

Kule nkomfa kugcwaliswe izikhundla ebezivulekile zePhini likaMengameli kanye nesikaNobhala-Jikelele.

Lezi zikhundla zigcwaliswe nguSindi Maphumulo okhethwe njengeSekela likaMengameli. USihlalo omusha waleli qembu kuzwelonke nguBhungu Gwala.

UNobhala-Jikelele nguNobahle Magqabi kanti isekela lakhe nguChristopher Sibisi.

Yize le nkomfa ihambe kahle kakhulu, akuzange kucace kahle ukuthi kuzokwenzekani ngamalungu aleli qembu asesulile ezikhundleni zawo kodwa asengamalungu ePhalamende.

OLUNYE UDABA:Inkantolo isigodlile isinqumo kolwe-NFP

La malungu ngoMaliyakhe Shelembe kanye noNhlanhla Khubisa abangamalungu ePhalamende kuzwelonke, nabathunywa yile nhlangano.

Ngonyaka odlule, uSihlalo wale nhlangano uShelembe kanye noNobhala-Jikelele uKhubisa basula ezikhundleni zabo kanti amasekela abo axoshwa ngemuva kwezinsolo zokuthi banesandla ngokungaphumeleli kwaleli qembu ekungeneleni ukhetho lomasipala ngenxa yezinkinga zezimali.

Udaba lwabo nokuthi kuzokwenziwanjani ngabo njengoba bengasekho kulezi zikhundla alucaci, kepha amalungu e-NFP ngempelasonto abesho ngazwilinye ethi kumele baxoshwe.

Amalungu aleli qembu akhala ngokuthi laba abalisizi ngalutho leli qembu futhi bahola mahhala ngokuhlala ePhalamende esikhundleni sokuzama amasu okuvusa iqembu.

Ongusihlalo wale nhlangano eGauteng, uBheki Gumbi osekhethwe njengephini likasihlalo kazwelonke uthe: “Ngizwa kahle impela ukuthi malungu nifuna siphume nesinqumo kuyo le nkomfa.

"Kepha iqiniso lithi iPhalamende linamakhokhasi alo, ngicabanga ukuthi kumele kube yiwona athatha isinqumo ngalabo zakwethu. Sonke siyazi ukuthi kabazihloniphanga izimiso zeqembu."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.