Sekukhishwe izithombe zabasolwa ngokudlwengula owayegibele itekisi

2017-08-17 14:02

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng ngoLwesine akhiphe izithombe zabesilisa ababili okungenzeka ukuba bayathinteka ekudlwengulweni nasekubambeni inkunzi owesifazane owayegibele itekisi ngoMashi.

Owesifazane kanye nendodana yakhe eneminyaka eyishumi ubudala bagibela itekisi ku-Ontdekkers Road, eFlorida, bengacabangi nje ukuthi bangase bahlangabezane nenkinga emotweni.

Abantu besilisa bamdlwengula lo wesifazane bephindelela isikhathi esingamahora amane, indodana yakhe bayiphoqa ukuba ilale phansi, kusho owesifazane etshela i-EWN ngaleso sikhathi.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Lungelo Dlamini, uthi owesifazane waphucwa ubucwebe, isikhwama semali, amakhadi asebhange, umakhalekhukhwini, okhiye bendlu kanye nemali engu-R1 700.

OLUNYE UDABA: Umisiwe uthisha osolwa ngokuphoqa abafundi ukuthi balwe

Amakhadi akhe asebhange asetshenziselwa ukuthenga utshalwa kanye nezinye izinto ngokuhamba kwesikhathi.

Izithombe ziveza abasolwa bethenga kwesinye sezitolo ezidayisa utshwala.

Sekukhishwe umehlokabini ongafinyelela ku-R50 000 oyonikezwa onemininingwane engaholela ekuboshweni kwabasolwa.

Onemininingwane uyacelwa ukuba axhumane nohola ithimba labaphenyi, uCaptain Elon Bester ku-079 890 7472 noma uConstable John Mokoena ku-071 675 6166.

           Images of the suspects wanted by police. (Supplied)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.