Sekunesiminyaminya ku-N1, N3 naku-N4, kanti namaphoyisa ahlome ayizingovolo

2017-12-22 12:32

Limpopo - Sesisikhulu isiminyaminya kuthela wayeka u-N1 kanye nomngcele iBeitbridge ohlukanisa iNingizimu Afrika kanye neZimbabwe, kubika i-SABC News.

Amaloli amakhulu, yizimoto manatekisi adonsa izinqola, kanye namabhasi kudale esikhulu isiminyaminya kule ndawo kanti namaphoyisa omgwaqo aphume ngobuningi babo ukuzohlola isimo nokuthi abahambayo bawaphethe wonke yini amaphepha afanele.

UNgqongqoshe wezokuThutha eLimpopo uMakoma Makhurupetje uxwayise abashayeli ukuba behlise umoya, bashayele ngokucophelela.

OLUNYE UDABA:BUKA: Adale isiminyaminya amaloli ebhikishela uZuma emgwaqeni

“Kulindeleke ukuba kwande isiminyaminya kule ndawo ngoba baningi abantu abalibangise emakhaya ngala maholidi. Baningi abantu abadabuka kwelaseZimbabwe abazoya emakhaya kulo nyaka njengoba lulukhulu ushintsho olwenzekile ngemuva kokwehla kukaRobert Mugabe esikhundleni," kusho yena.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uJoe Maswanganyi uthi kuzokuba nenqwaba yezivimbamgwaqo emigwaqeni eminingi kuleli ukuqinisekisa ukuthi abashayeli kanye nabagibeli bayayilandela imithetho yomgwaqo.

Esifundazweni iGauteng, kubalwa izimoto ezingu-1 500 ngehora eziphuma kulesi sifundazwe zilibangise ezifundazweni ezahlukahlukene zisuka ngoLwesihlanu ekuseni.

Abe-Road Traffic Management Corporation (RTMC) bathi amaphoyisa omgwaqo ahlome ayizingovoli kule mpelasonto futhi baxwayisa abashayeli ukuba bagawule babheke ukuze bezofika bephephile emakhaya.

UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN uMxolisi Kaunda ubephuma engena emabhasini ezihlolela ngokwakhe isimo.

Buka nansi i-video ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.