Sekunxuswe amaphoyisa abeselivini eZimbabwe ukuba abuyele emsebenzini

2017-11-15 11:00

Harare - Njengoba sekuvele imibiko eminingi eveza ukuthi iZimbabwe isingaphansi koMbuso wombutho wezempi, umbutho wamaphoyisa kuzwelonke usunxuse wonke amaphoyisa abeselivini ukuba abuyele emsebenzini.

Isikhulu samaphoyisa esingafunanga kudalulwe igama laso ngoba asigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, sitshele i-Associated Press ukuthi wonke amaphoyisa abeselivini ayalelwe ukuba abuyele emsebenzini ngokushesha.

Umbutho wezempi eZimbabwe ngoLwesithathu uveze ukuthi ubophe uMengameli Robert Mugabe kanye nonkosikazi wakhe futhi yiwo osuphethe noqaphe isimo kulandela udlambedlu, olubandakanya nokuvukelwa kombuso.

OLUNYE UDABA: Umka Mugabe uthi uzosiza umyeni wakhe alungise isimo sezwe

Udlambedlu obeluqhubeka ebusuku luvuse ukuhlawumbisela kokuthi kuvukelwa umbuso, kepha labo abeseka umbutho wezempi bakuchaze lokhu "njengokulungisa izinto ngaphandle kokuchitheka kwegazi".

Amasosha ahlomile abenkanise ezindaweni eziningi eHarare, kanti abantu baseZimbabwe bebemi emigqeni emide emabhange beyokhipha imali yabo.

Abanye abantu kuthiwa bebelokhu begqolozele omakhalekhukhwini babo befuna ukubona ukuthi ngabe kuqhubekani ezweni.

Ngesikhathi umbutho wezempi wethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngemuva kokugasela eZimbabwe Broadcasting Corporation, okhulumela umbutho ngoLwesithathu uthe bafuna kakhulu "izigebengu" ezisondelene noMugabe waqinisekisa nokuthi luzobuya ngokushesha uzinzo ezweni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.