'Sekuphele iminyaka ebefundisi befihla amanyala omholi onukubeza izingane'

2017-11-20 12:30

Pretoria – Sekuphele iminyaka abefundisi bebandla iHatfield Christian Church befihla ihlazo lokunukubezwa ngokocansi kwamantombazane asemancane ebandleni, enukubezwa wumholi wentsha.

Ngengoba iNkantolo yoMthethosisekelo idingida imigomo nemibandela yamacala okunukubeza ngokocansi, kuvela indaba kaGeorge Donald, 67, owagwetshwa yiNkantolo yaseFunda yasePitoli.

UDonald wagwetshwa iminyaka engu-11 nokungukuthi kumele nakanjani engu-6 ayihlale ejele.

Lo mlisa walahlwa yicala lokudlwengula indodakazi yakhe uMarijke Donald oseganele kaMwathi iminyaka eminingi ngeminyaka yawo-1980 futhi wadlwengula nendodakazi yakhe ayi-adoptha izinyanga ezimbalwa ngesikhathi ihlala kwakhe.

Indodakazi yakhe uMarijke waqala eneminyaka emithathu waze wahlanganisa iminyaka engu-12 ubudala eyidlwengula kanti le enye indodakazi wayiqala ineminyaka engu-10 ubudala yaze yabikela umama kaMarijke.

OLUNYE UDABA: Ibandla lithi akubona abasephutheni, amaphoyisa kamasipala abasukelile

Umama uyena owabikela ibandla ngalokhu okwakwenziwa yindoda yakhe efuna ukuba limcebise ngale nkinga. Ibandla labanika usizo lokubeluleka ngokwengqondo futhi bayalelwa ukuba baqinise emkhulekweni.

Ngesikhathi exhumana nobuholi bebandla iHatfield Christian Church ngonyaka odlule, uMarijke usole ubuholi bebandla ngokuziba izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane nokuvikela isigilamkhuba.

Uthi bamtshela ukuthi imigomo yebandla ayibavumeli ukuba baye emaphoyiseni noma bathathe "umfowabo eNkosini" beyomqulisa phambi kwamajaji.

UMarijke uthi wayengahlukumezekile ngokocansi kuphela kodwa nasemoyeni wakhe ngokunjalo.

"Ukukhula ngaphansi kwalesi simo kungenze ngaba yingane ephila ngokwesaba, nangokudideka futhi ngingakwazi ukuhlukanisa phakathi kokufanele nokungalungile. Ukube ibandla lakwazi ukungivikela laya emaphoyiseni nalolu daba ngabe kwaba ngcono," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.