Sekuphele iminyaka emithathu, kepha abakatholakali ababulali baSenzo Meyiwa

2017-10-26 10:59

Johannesburg - Usuku lwanamhlanje lumaka iminyaka emithathu kwadlula emhlabeni lowo owayengunozinto we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, kepha namanje ababulali bakhe abakaze batholakale.

UMnyango wezamaPhoyisa nokho uthi uyaqhubeka nophenyo.

UMeyiwa wabulawa esigamekweni okusolakala ukuthi babebanjwa kuso inkunzi ekubo kantombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngomhlaka-26 Okthoba 2014.

Kuze kube yimanje amaphoyisa awukho umkhondo oqondile awutholayo mayelana naleli cala yize kwakhishwa umehlokaboni ka-R250 000 ngenhloso yokuzama ukuxazulula leli cala.

Okhulumela uMnyango uVuyo Maga uthi ngeke akwazi ukudalula imininingwane eminingi ngaleli cala.

“Amaphoyisa kukhona imikhondo ayilandelayo, namanje sisalindile."

OLUNYE UDABA: Ubaba kaSenzo uthi uKelly akayeke ukuqamba amanga

Ngenyanga eyedlule ngesikhathi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula ehambele ehostela iGlebelands, eMlazi, kanye nezinye izindawo kuleli lokishi, ubaba kaSenzo wasebenzisa leli thuba ukunxusa uMbalula ukuba kutholwe ababulali bendodana yakhe.

USamuel Meyiwa ukhala ngokuthi akezwa lutho ngokuqhubeka kophenyo kusukela indodana yakhe yalala kobandayo.

“Leli ngelinye lamacala aseqhulwini kimi nethimba lami. Ngiyakholwa ukuthi kukhona abazoboshwa, kepha angifuni ukuqwashisa ababulali ngokukhipha imininingwane eminingi,” uMbalula washo kanjalo ngaleso sikhathi ekhuluma nobaba kaSenzo.

Sekukaningi ubaba kaSenzo ekhala ngokuzitshwa kwecala lendodana yakhe njengoba ethi amaphoyisa awayinakile eyokuthola ababulali.

UMeyiwa umile kwelokuthi labo ababekhona indodana yakhe ibulawa, yibo okumele bakhiphe iqiniso.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.