Sekuphelile obekuhlanganise iChiefs nomdlali wasesiswini

2017-06-13 12:29

Cape Town – IKaizer Chiefs isikhulule umdlali wayo wasesiswini, uLucky Baloyi, njengoba iqhubeka nomkhankaso wayo ‘wokushanela’ ngaphambi kokuba kuqale isizini entsha.

Ngemuva kwamasizini amabili engawini ngisho isicoco esisodwa lesi, Amakhosi asanda kuxosha obengusekela likamqeqeshi, uJohn Pantsil, aphinde akhulula nomgadli wayo obengasenayo inkontileka, uSiphelele Mthembu

OLUNYE UDABA: UBenni McCarthy uzothulwa njengomqeqeshi weqembu lePSL

Manje izembe seligadle kumdlali wasesiswini nodle ngokumaka, uBaloyi, esinyathelweni sakamuva, nalapho i-website yeKickOff ibika ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usamukele isivumelwano waphinde wakhululwa ngokusemthethweni yile kilabhu.

Ngemuva kokuqala imidlalo emihlanu nje kuphela ngesizini edlule, phezu kokusayina inkontileka entsha yeminyaka emibili ngoFebhuwari, umphathi kaBaloyi, uJazzman Mahlakgane, uqinisekise lezi zindaba naleli phephabhuku ngoMsombuluko.

Kusukela adlala umdlalo wakhe wokuqala ngqa kumaGlamour Boys eminyakeni emibili eyedlule, uBaloyi udlale imidlalo engu-87 kuPremiership neChiefs waphinde wabolekiswa kwiMoroka Swallows ngesizini ka-2014/15.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.