Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu eGlebelands

2017-07-27 14:02

Durban - Owesilisa udutshulwe ekhanda ngabasolwa abangaziwa ehostela elidume ngodlame iGlebelands, washona.

Ngokusho kwamaphoyisa lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ebusuku ngo-20:15.

“Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike washonela khona. Inhloso yokuhlaselwa kwakhe ayikaziwa kodwa kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseMlazi,” kusho uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA:'Ukufakwa kwefenisi kuzokwenza kube nzima ukubalekela izitha'

UMbhele uthi kuzotshalwa amaphoyisa azoqapha isimo ubusuku nemini kule ndawo futhi banxusa abahlali balapha ukuba babike ngezenzo zobugebengu.

Lesi sehlakalo senzeka ngemuva kwezinsuku eziyishumi kwasungulwa ikhomishana kaMoerane ephenya ngezehlakalo zokubulalana kuleli hostela esezidlule nemiphefumulo yabantu abaningi.

Njengoba le khomishana isaqhubeka nophenyo lwayo, kuthiwa kunofakazi osekubhaceni ukuze aphephise impilo yakhe ngemuva kokusatshiswa.

Lo fakazi kuthiwa wabona isigameko sokubulawa komuntu esigcemeni sakwa-P kulo leli hostela ngonyaka ka-2015.

Kuthiwa lo fakazi wathola ucingo olumsabisa ngokufa njengoba kwasekubikiwe ukuthi ubufakazi bakhe bubaluleke kakhulu, kubika iThe Citizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.