Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela laseMlazi

2017-08-23 09:36

Durban - Sekuphinde kwabulawa omunye futhi umuntu ehostela laseThekwini, iGlebelands, eMlazi.

Babalelwa kwabangu-93 abantu asebebulewe kuleli hostela eminyakeni engaphansi kwemithathu futhi akekho noyedwa umuntu oseke washushiswa.

Kubikwa ukuthi ngoLwesibili ebusuku kudutshulwe kwabulawa owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala.

Isishoshovu somphakathi uVanessa Burger — osanda kwethula ubufakazi phambi kwekhomishini kaMoerane ephenya ngodlame KwaZulu-Natal – usiqinisekisile lesi sigameko.

Kwi-email ebibhalelwe umholi wophenyo kwikhomishini kaMoerane, u-Adv Bheki Manyathi, uBurger uthe: “Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu owayeyilungu lekomidi lokuthula eGlebelands odutshulwe izolo ebusuku [ngoLwesibili].

OLUNYE UDABA: Izigebengu ziphange isitolo sakwaTelkom

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe: “Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMlazi kulandela ukubulawa kowesilisa oneminyaka engu-38 ubudala.

“Kuthiwa owesilisa ubesehostela laseGlebelands izolo ngoLwesibili ngabo-21:00 ngesikhathi edutshulwa ebulawa ngabasolwa abangaziwa. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje kanti amaphoyisa ayaphenya.”

UZwane unxuse izakhamuzi ukuba zisebenzisane namaphoyisa ukubhekana nodlame ehostela, kubika iSowetan Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.