Sekuphinde kwashona elinye iphoyisa lishayiswa yimoto

2018-02-02 18:01

Johannesburg - Kuphinde kwashona elinye iphoyisa ngemuva kokushayiswa yimoto eSchomanskloof eMpumalanga ngoLwesihlanu, kusho uMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni.

Lesi sigameko senzeke kungakapheli nesonto amaphoyisa amabili kaMasipala waseGoli eshonile ngemuva kokushayiswa yimoto ebihamba umshayeli obedakiwe kunezivimbamgwaqo.

Ekhuluma ngesigameko sangoLwesihlanu, okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi uMoeti Mmusi uthe: "UVincent Ngomane ushonele esibhedlela ngemuva kokushayiswa yimoto ekuseni ku-N4 Toll Road eSchomanskloof ngaseMontros.

“Ingozi yenzeke ngesikhathi iphoyisa ebelisebenza limisa imoto ebomvu yohlobo lwe-Audi, ngokuphazima kweso kwaqhamuka enye imoto yohlobo lwe-Chevrolet Aveo igijima yashayisa eye-Audi, yaphenduka khona emgwaqeni kwashayiseka nephoyisa.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili ngelokubulawa kwemantshi

Iphoyisa lilimale kabi, laphuthunyiswa eNelspruit Medi-Clinic ngendiza enophephela emhlane.

"Ngokuhamba kwesikhathi lishonile. Umshayeli wemoto ebigijima uthole ukulimala okungatheni, wangeniswa eMedic Clinic‚" kusho uMmusi.

UNgomane ubesanda kuklonyeliswa nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi ngomsebenzi omuhle awenze ngesikhathi samaholidi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.