Sekuphinde kwavela omunye umdwebo ka-Ayanda Mabulu ongoDlamini-Zuma

2017-10-14 15:03

Cape Town – I-ANC kanye ne-ANC Women's League (ANCWL) ngoLwesihlanu bagxeke umdwebo okhishwe yiciko u-Ayanda Mabulu otshengisa uNkosazana Dlamini-Zuma enza imikhuba yocansi, eceleni kwakhe kubonakala uMengameli Jacob Zuma emile kuvele 'ubuntu' bakhe ngaphandle.

Izithombe zalo mdwebo, ezizungeza ezinkundleni zokuxhumana, uZuma ubonakala emile ubuntu bakhe bungaphandle kanti uDlamini-Zuma yena ulele ngomhlane "ubuyena" buhleli obala.

UZuma ubonakala ebambe iketangu elifaswe entanyeni yowesifazane.

Esitatimendeni, lowo okhulumela i-ANCWL uMeokgo Matuba, uthe uMabulu "uyithuluzi elikhokhelwayo elisetshenziswa yizitha ye-ANC ukubulala nya isithunzi samalungu kaKhongolose".

OLUNYE UDABA: BUKA: U-Ayanda Mabulu uthi akazisoli nakancane ngomdwebo wakhe

"UMabulu kuyishwa nje ukuthi umqondo wakhe usaboshwe ngamaketangu engcindezelo njengoba emqondweni wakhe ecabanga ukuthi abaholi bepolitiki, ikakhulukazi abamnyama, kumele bahlaselwe," kusho uMatuba.

"Ungomunye wabadukile, abadlala labo abafuna ukufeza izimfuno zabo ukuze kubuye ubandlululo nengcindezelo."

"Lo mdwebo ungumzamo wogombelakwesabo abamhlophe kanye nobhululu babo, abasebenzisa uMabulu ukudicilela phansi isithunzi sala baholi ngethemba lokuthi kumiswe imizamo yokuguqula umnotho."

Okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa, ubize lo mdwebo njengokwedelela hhayi nje kuphela laba abakuwo, kepha izwe lonkana.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.