Sekuqinisekisiwe ukuboshwa komunye umsolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa

2018-02-28 12:30

eNgcobo – OKlebe sebekuqinisekisile ukuthi kuboshwe umsolwa wesithupha mayelana nokubulawa kwamaphoyisa amahlanu kanye nalowo owayeyisosha eNgcobo, e-Eastern Cape.

Owesilisa uboshwe ngoLwesibili ebusuku esontweni iSeven Angels Ministry, kusho okhulumela oKlebe e-Eastern Cape uCaptain Anelisa Feni etshela iNews24.

"Utholakale nesibhamu esingekho emthethweni. Bekungesinye sezibhamu ezebiwa esiteshini samaphoyisa lapho amaphoyisa abulawelwa khona,” kusho uFeni.

Lo wesilisa kulindeleke avele enkantolo ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa anikezwa amathuluzi okuzivikela - Cele

Ukuboshwa kwakhe kulandela isigameko lapho izigebengu zagasela khona esiteshini samaphoyisa eNgcobo, phakathi kwaseMthatha naseQueenstown, ngoFebhuwari 21, zadubula zabulala amaphoyisa amahlanu kanye nesosha eselathatha umhlalaphansi.

Ngempelasonto amaphoyisa agasela emagcekeni esonto iSeven Angels Ministry, kwadutshulwa kwabulawa abasolwa abayisikhombisa

Kwahlengwa amantombazane amancane kanye nabesifazane kuleli bandla okuthiwa lenza izinto ezingajwayelekile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.