Sekuqubuke imibuzo ‘ngokubeletha’ komculi wodumo amawele

2017-06-15 12:31

Cape Town – Sekuqubuke imibuzo mayelana nokuthi umculi waseMelika ongaconsi phansi futhi ophinde abe ngumlingisi, uBeyoncé, usewabelethile yini amawele osekunesikhathi elindelwe.

Imibuzo eminingi kanye nokuqagula sekusabalale ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi kubonakale izimbavumbavu zezimoto ezimnyama zohlobo lwama-SUV zishaya ujenga ziphuma endlini kaBeyoncé kanye nomyeni wakhe, ongumrepha kanye nosomabhizinisi, u-Jay Z, ngoLwesibili.

Kuqubuke okukhulu ukuqagula ngesikhati iThe Shade Room ithi uBeyoncé uyiswe esibhedlela iRonald Reagan UCLA Medical Centre futhi usekulungele ukubeletha amawele akhe.

Kodwa-ke lezi zithandani zidume ngokugcina izinto zazo ziyimfihlo kanti abukeka emancane amathuba okuthi ziqinisekiswe lezi zindaba kuze kube uJay Z kanye noBeyoncé benza isimemezelo ngokwabo. Kodwa-ke lokhu kubukeka kungabavimbanga abantu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi baqhubeke nokuqagula.

OLUNYE UDABA: Nalu uhlu losaziwayo abahola kakhulu kunabo bonke

Njengoba kulokhu kukhula ukuqagula, kuphinde kube nemibiko yokuthi lo mculi wodumo lwengoma esihloko sithi Sorry useqinise ezokuphepha zakhe kanti futhi useze wacela nokuthi kukhiywe isitezi sonke sasesibhedlela.

Kuphinde kwanda nokuqagula kokuthi ‘owele’ sebesendleleni ngemuva kwesithombe esifakwe ku-Instagram ngumcwali wezinwele zosaziwayo, uChuck Amos. U-Amos ufake isithombe sakhe enoBeyoncé nalapho ebe esebhala ukuthi: “Sekuzolunga, Mama!”

Okuphinde kwangeza kulokhu kuqagula umbiko we-E! News wokuthi udadewabo kaBeyoncé, uSolange Knowles, uzobe enesikhathi sonke sokuzizwisa ngalo mzuzu oyingqayizivele wokubelethwa kwamawele nodadewabo njengoba ingekho imicimbi abhukhwe kuyona kuze kube umhlaka-23 Juni.

Zibonele eminye yemibhalo ezinkundleni zokuxhumana yalokhu kuqagula ngezansi:

Hang in there, Mama! ?? You @Beyonce!!

A post shared by Chuck Amos, Hair Legend (@chuckielovehair) on

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.