Sekuseduze ziwushaye kuSelbiyonce woKhozi FM

2017-06-04 12:32

Durban - Ziyawushaya kwisilomo somsakazi woKhozi FM uSelby "Selbyonce" Mkhize oshayela uhlelo lwantambama noTshatha Ngobe olubizwa ngeWoza Nabangani Bakho phakathi nezinsuku.

USelby ophumele obala ngokuphila impilo yobutabane ungomunye wabasakazi abangaconsi phansi kulo msakazo kanti usephenduke intandokazi ngokuphatha imicimbi eyahlukene yobumnandi.

ILANGA LangeSonto lihabule izindaba zokuthi lo msakazi useqalile ukwenza amalungiselelo omshado wakhe njengoba kulindeleke ukuba ziwushaye ngoZibandlel.

Umthombo osondelene noSelby upotshoze ezithi emasontweni ambalwa adlule kube nomhlangano wemindeni lapho kudingidwe khona udaba lokushada kukaSelby nesithandwa sakhe seminyaka.

Uqhuba ngokuthi uSelby uyafisa ukuphumela obala ngothando lwakhe kodwa isoka lakhe yilona elingafuni ukuvela njengoba lamdonsa ngendlebe ukuba angalidaluli nakobhululu bakhe.

"Emasontweni ambalwa adlule umndeni wesoka ufikile kubo kwaSelby eMaoti, kwaba nezingxoxo zomshado. Alizange likhishwe ilobolo kodwa kube nezingxoxo kwabe sekuvunyelwana kanjalo," kusho umthombo osondelene noSelby.

OLUNYE UDABA:Ukhozi FM "lulaxaze" umcimbi kaMroza

Unanele ngokuthi lo msakazi uyafa yinjabulo kulezi zinsuku njengoba engakufihli ukuthi maduze uzoba ngumuntu womuntu ngokusemthethweni. Leli phephandaba liphinde lathola ngomunye umsakazi ukuthi sekunesikhathi uSelby ekhuluma ngokushada kodwa engamnaki ngoba ungumuntu ozithandelayo ukukhuluma.

"Uhlezi esitshela ukuthi uzoshada maduze kodwa sivamise ukungamkholwa ngoba asikaze silibone nesoka lakhe kodwa uhlale esiqhoshela ngalo mihla namalanga," kusho lo msakazi ocele ukungadalulwa igama.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi isoka likaSelby lisebenza njengesikhulu sezimali kwesinye sezibhedlela zaseThekwini.

Ethintwa uSelby ukuqinisekisile ukuthi umshado ususemome.

"Kunjalo ngempela kodwa ngeke kube wumshado omkhulu, kuzoba owomndeni nalabo esisondelene nabo kuphela," esho.

Akafunanga ukudalula imininingwane kodwa ukuqinisekisile ukuthi uzoba ngoZibandlela. Mayelana nezingxoxo zamalobolo okuthiwa zenzeke emasontweni ambalwa adlule akafunanga ukuphawula ngazo. "Engingakusho wukuthi imindeni isike yahlangana, okunye ngeke ngande ngakho ngoba kuyimfihlo," esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuvela lezi zindaba nje nozakwabo kaSelby uSthandwa Nzuza ngeledlule ubethenjiswa umshado yisithandwa sakhe uMfu Philani S Gama.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.