Sekushone abathathu ngenxa yeListeriosis eMpumalanga

2017-12-22 16:00

Johannesburg - Sekushone abantu abathathu esibhedlela eLowveld emasontweni amabili edlule nganxa yesifo iListeriosis, kubika iLowvelder.

UMandla Zwane woMnyango wezeMpilo eMpumalanga, uthe umnyango uphenya ukuthi sivela kuphi lesi sifo.

Umnyango uphinde uphenye ukuqubuka kwesifo ezweni.

OLUNYE UDABA:Labo abakhombisa izimpawu zeListeriosis kumele baphuthume emtholampilo - Motsoaledi

Uthe ziphakathi kuka-60 no-80 izigameko zalesi sifo ezibikwayo njalo ngonyaka, kodwa kusukela ngoJulayi isibalo siphezulu kakhulu.

Sekushone abantu abangu-36 ngaso lesi sifo eGauteng, eWestern Cape naKwaZulu-Nata.

NgoMsombuluko wangomhlaka-8 Disemba kwaqinisekiswa izehlakalo ezingu-21 eMpumalanga.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Aaron Motsoaledi wamemezela ukuthi yize iListeriosis iyisifo esibucayi, ingakwazi ukwelapheka ngokudla ama-antibiotic. Leli gciwane litholakala emhlabathini, emanzini nasezitshalweni.

UMotsoaledi wathi abantu abasengozini kakhulu ngabadala, izingane kanye nabagulayo.

Zibalelwa ku-557 izigameko zalesi sifo esezibikiwe ezweni, kanti iningi lazo zibikwe eGauteng.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.