Sekushone elinye iphoyisa kulandela isigameko esenzeke eNgcobo

2018-02-21 16:01

Johannesburg - Isibalo sabashone kuhlaselwa amaphoyisa esiteshini samaphoyisa esiseNgcobo e-Eastern Cape sesimi ku-7.

Edlulisa amazwi enduduzo, uNdunankulu wesifundazwe uPhumilo Masualle uqinisekise ukushona kwelinye iphoyisa esibhedlela.

Ngaphambilini, amaphoyisa athe kubulawe amaphoyisa amathathu nesosha kulesi sehlakalo sokuhlaselwa kwasesiteshini samaphoyisa, phakathi kwaseMthatha naseQueenstown.

Izidumbu zamanye amaphoyisa amabili zitholwe endaweni engamakhilomitha angu-6 nasesiteshini samaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Ukuhlasela iziteshi zamaphoyisa kuyefana 'nokuhlasela uMbuso' - Popcru

Okwamanje akukacaci noma la maphoyisa abelandela abasolwa esuka esiteshini noma abephuthuma esigamekweni ngesikhathi ebulawa. 

Elinye iphoyisa lishonele esibhedlela.

"Okudida kakhulu wumyalezo odluliswe yilesi sigameko emphakathini yethu okuyiyo ephephela emaphoyiseni ukuze ivikeleke emgwaqeni nalapho ihlala khona," kusho uMasualle.

UMasuallle uphinde wagxeka lesi sehlakalo sokuhlaselwa kwamaphoyisa wadlulisa namazwi enduduzo emindenini elahlekelwe.

Njengoba imbangela yokuhlaselwa kwamaphoyisa ingakadalulwa, okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Vishnue Naidoo uthe: "Kutholakale ukuthi abasolwa baqhumise i-ATM eduze nasesiteshini samaphoyisa, eba izibhamu eziyishumi neveni lamaphoyisa esiteshini."

 - Heraldlive


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.