Sekushone omunye futhi umvukuzi emayini

2017-08-27 11:57

Johannesburg – Sekushone umvukuzi wesibili kwabahlanu ebebevaleleke emgodini waseKusasalethu ngaseCarletonville, kusho iHarmony Gold ngeSonto.

“Umvukuzi wesibili…ukhishiwe emgodini. Ngeshwa, ushonile ngenxa yokulimala kabi,” kusho isikhulu esiphezulu semayini uPeter Steenkamp esitatimendeni.

NgoMgqibelo, kukhishwe emgodini omunye umvukuzi kodwa kwaqinisekiswa ukuthi ushonile ngesikhathi esengaphandle.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zidla nezingulube ngenxa yendlala

Ukushona kwalaba kulandela isigameko sangoLwesihlanu esidalwe ukuzamazama komhlaba okungu-1.2 kwi-Richter scale.

Balinganiselwa ku-3 000 abavukuzi ebebesebenza emayini ngaleso sikhathi kodwa bahlanu abavaleleke emgodini.

“Bathathu abavukuzi abangakatholakali kodwa imizamo yokubahlenga izoqhubeka baze batholakale,” kusho uSteenkamp.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.