Sekushone umlingisi weDays of Our Lives

2016-12-10 11:05

London - Akasekho emhlabeni umlingisi owayedlala indawo kaSetano DiMera kumdlalo wakumabonakude iDays of Our Lives, uJoseph Mascol.

Lo mlingisi udlule emhlabeni eneminyaka engu-87 ubudala.

Ngokusho kweDaily Mail uMascolo ushone ngemuva kokuxinwa yisifo i-Alzheimer.

OLUNYE UDABA: KUQINISEKISIWE: Ukudlula emhlabeni kukaSfiso Ncwane

Omunye wamaphrojusa eDays of Our Lives, uKen Corday, ukhiphe isitatimende wathi, "Kuyishwa ukuthi sinazise ngezindaba ezimbi zokudlula emhlabeni kwelinye lelungu lomndeni weDays of Our Lives, uJoseph Mascolo.

UMascolo uzokhunjulwa kakhulu njengomunye wabalingisi beDays of Our Lives edlala indawo yomuntu ononya kaStefano DiMera aqala ukuyidlala ngo-1983.

Indawo kaMascolo yaqedwa kulo mdlalo ekuqaleni konyaka ngenxa yokuthi ubengasakwazi ukuqhubeka nokulingisa.

Lo mlingisi ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uPatrica Schultz-Mascolo, indodana uPeter, indodakazi yakhe angayizali uLaura, udadewabo uMarie, abazukulu abahlanu nesizukulwana sesizukulwana ezingu-3.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.