Sekutholakale isidumbu sesithathu somdobi eMaredon

2017-07-23 10:32

Port Elizabeth  –  Sekutholakale esinye isidumbu okukholakala ukuthi ngesomdobi owayeyingxenye yalabo abanyamalala ngesikhathi kucwila isikebhe abebejamba ngaso.

Lesi sidumbu sitholakale sikhafulwe wulwandle eBeachview nokuyibanga elingama-103.6km kusukela eCape St Francis nokuyilapho isikebhe sabo sacwila khona.

Isikebhe esasithwele abadobi abangu-16 sacwila ngeSonto ekuseni ngenxa yamagagasi amakhulu futhi anamandla.

Kwasindiswa abadobi abayisikhombisa abatholwa ngabatshuzi ngemuva kokuphuma kombiko wokuwa kwesikebhe.

OLUNYE UDABA:Ingane igwilize yashona eKZN

Isidumbu somdobi oyedwa satholakala phakathi kwesingcezu zesikebhe.

NgoLwesithathu kwatholakala isidumbu sikaMbongeni Gift Zulu, 43, waseJeffreys Bay naye ongomunye wabadobi, sona sasikhafulwe wulwandle ngase Blue Horizon Bay, ePort Elizabeth.

Amaphoyisa athi azoqhubeka nemizamo yokuthungatha abanye abadobi abangakatholakali kanti futhi banxusa umphakathi ukuba ulekelele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.