Sekuvele ukuthi usomahlaya wamithisa ngaphandle

2017-01-22 13:30

Johannesburg - Kuphume imfihlo kasomahlaya wakuleli ophinde abengumlingisi, uTrevor Gumbi.

ISunday Sun ibika ukuthi uTrevor ushiywe yinkosikazi yakhe, uLucille ngoba akhulelisa intombazane ogama layo ngu-Ayanda.

Lezi zinsolo zidalulwe yinqwaba yemithombo, omunye wale mithombo uthe lezi zithandani zihlukane ngemuva kokuba uLucille ethole ukuthi uTrevor ukhulelise omunye umuntu wesifazane.

OLUNYE UDABA:Kushaqeke abalandela uDJ ememezela ukushiya uhlelo

"Wathola ukuthi kunenye ingane, etshelwa wumama wengane uqobo lwakhe," kusho omunye umthombo.

Omunye umthombo utshele leli phephandaba ukuthi uTrevor watshela inkosikazi yakhe ukuthi wenze iphutha.

"Okokqala nje, uTrevor ubelufihlile lolu daba lwengane kodwa ngenxa ka-Ayanda elokhu ekhuluma, uLucille wagcina esetholile ngodaba, uTrevor wavuma ukuthi ukuthi wonile."

Omunye umthombo uthe uTrevor wenza iphutha ngokungamnaki u-Ayanda  ngesikhathi esakhulelwe.

"Ngicabanga ukuthi wenziwa isimo ayekuso wase etshela uLucille.

"Akugcini lapho, ngemuva kokuzalwa kwengane, u-Ayanda waqala wahlupha uTrevor, waze waxhumana nezingane zaTrevor ezibikela ngengane yabab wazo."

Lo mthombo uthe u-Ayanda uxhumana nanoma ngubani osondelene noTrevor, futhi akanamahloni ukhuluma nananoma ngubani onendlebe, athi uTrevor uyabaleka.

"Ukhathele ngoba uTrevor ulokhu echasha. Futhi u-Ayanda uyaphikelela ethuneni ingane ekaTrevor. Waze wafaka isithombe sengane isaseswini (Ultrasound) ezinkudleni zokuxhumana, sashaqeka sonke!"

Ngesikhathi abephephandaba bexhumana noLucilla ngodaba uthe: "Eyi angifuni ukukhuluma ngalokho.

"Ukuhlukana kwethu kuphakathi kwami noTrevor."

UTrevor no-Ayanda abatholakalanga phephawula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.