Sekuvele ukuthi uzibulele obekuthiwa udutshuliwe

2016-07-15 18:31

Johannesburg – Usashaqekile umyeni wowesifazane onguRetha Geldenhuys, 49, ozibulale ngokuzingqokloza ngesibhamu phambi komyeni wakhe emzini wabo osePitoli.

UBen Geldenhuys, 53, uthi umufi uzibulale phambi kwwakhe nendodana yabo ngemuva kokuthi bekade bezikhiphile baya endaweni yokucima ukoma, kubika iCenturion Rekord.

Kuthiwa ungene kwakhe wathatha isibhamu lapho sihlala khona waya kohlala phansi nomyeni wakhe egumbini lokuphumula.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi obezihlalele emotweni

“Akazange asho lutho. Uhlale eduze kwami wase eyazidubula ekhanda,” esho.

Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bazama ukusindisa uRetha kepha kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada.

Sike sabika ngalesi sigameko, kanti umbiko ubuthi lo wesifazane udutshuliwe, ekubeni empeleni uzibulele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.