Birmingham — Amaphoyisa aseBirmingham athi umlisa
owabika ukuthi wagwazwa ngesikhathi ebanjwa inkunzi sekuvele ukuthi wagwazwa yindodakazi
yakhe ngesikhathi enengxabano nomama wayo.
Lo mlisa washona ngokuhamba kwesikhathi.
I-AL.com ngoLwesithathu ibika ukuthi u-Eddie Casmer
Townsend watholwa omakhelwane egwaziwe
phambi kwemoto yakhe ngomhlaka 6 Mey.
Amaphoyisa athi uTownsend wabika
ukuthi ngesikhathi elungisa igceke wahlaselwa abalisa abathathu, bamfuna imali.
Funda nalolu daba: Ziboshiwe izithandani ebezijikijelana ngePizza
Ngesikhathi ebatshela ukuthi akanayo bamgwaza
kathathu.
Abaseshi sebethole ukuthi uTownsend
wagwaza ngesikhathi exabana nomkakhe owabiza indodakazi yakhe ukuba
izomlekelela.
Indodakazi ibingakathweswa icala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).